Okuphuthise uDube-Ncube kugcotshwa undunankulu omusha

Intatheli YeSolezwe|Published

OBENGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, namalungu omndeni wakhe ngesikhathi beseCarlifonia lapho bekuthweswa khona iziqu zobudokotela indodakazi, uZama Dube Isithombe: Instagram

Kubukeka sengathi obengundunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uphuthwe wukuthamela ukufungiswa kothatha izintambo kuye uMnuz Thami Ntuli, eMgungundlovu, ngoLwesibili ngoba engekho ezweni.

UDube-Ncube waqopha umlando eqokwa njengondunankulu wokuqala wesifazane ngo-2022, engena esikhaleni esashiywa nguSihle Zikalala.

Indodakazi yakhe, uZama Dube, ifake ekhasini layo le-Instagram ngoMsombuluko ukuthi ibithweswa iziqu zobudokotela.

Umbhalo kaZama Dube ekhasini lakhe le-Instagram

Ithe onina bayo ababili bahambe amahora angu-28 ukuzoyibona kwenzeka into eyaphrofethwa ngugogo wayo ongasekho eNyuvesi yaseCalifornia Los Angeles. Ezithombeni kubonakala uDube-Ncube futhi kune-video ethula nenkulumo.

UZama uke waba ngumsakazi eziteshini zaseGoli okubalwa kuzo iYFM ne-702 ngaphambi kokuyoqhuba izifundo zakhe phesheya,

Uthweswe iziqu zeDoctor of Philosophy: Film, Television and Digital Media.

UZama ubonge bonke abamesekile wathi kuzothatha isikhathi ukukholwa.